I-VICTORIA Falls, enye yezindawo ezikhangayo zemvelo ezidume kakhulu emhlabeni, inikeza izivakashi inhlanganisela emangalisayo yobuhle bemvelo nokhakanjiswa ukubaluleka kwamasiko. Umsakazi we-East Coast Radio uCarol Ofori usithatha asibeke ohambweni olushintshe impilo yakhe lokuya eVictoria Falls, eZimbabwe. Le ntokazi ivakashele le ndawo ihamba nomndeni wayo okunguhambo lwabo lokuqala bevakashela amazwe asezwenikazi i-Afrika. .
Umsakazi othandwa abaningi KwaZulu-Natal uCarol Ofori usithatha asibeke ohambweni lomndeni wakhe eVictoria Falls, eZimbabwe.
Image: SITHUNYELWE
UCarol uthi uzizwe evuseleleke ngendlela emangalisayo efika ezimpophomeni ezithandwa kakhulu e-Afrika wakhuthaza abafundi ukuthi bangakushalazeli ukuvakashela amazwe aseduze ngoba awugcini ngokufunda ngendawo kuphela kodwa kubonisa ukuzigqaja nokuziqhenya ngokuba um-Afrika.
"Ngiyakukhuthaza kakhulu ukuthi thina ma-Afrika singazincishi ukulihamba lonke izwekazi lethu. Yingakho nginxuse umyeni wami ukuba sithathe uhambo lomndeni futhi ngenza ucwaningo olubanzi ukuthola ukuthi sizofike senzeni lapho njengomndeni," kusho yena.
UCarol ukhuthaza abantu bakuleli ukuthi bazinike isikhathi bavakashele amanye amazwe ezwenikazi lase-Afrika bazibonele ngawabo ubuhle balo.
Image: Sithunyelwe
Uthi into ayiqikelela kakhulu wukuthi yena nezingane zakhe bathola imishanguzo yokuvika umalaleveva ngoba azi ukuthi yisona sifo esiyingozi nesibhedukile eZimbabwe.
"Bekukuhle impela! Ukucabanga ukuthi sifika lapha, kwathiwa izimpophoma zomile, mancane amanzi. Izimpophoma zeVictoria ziwubukhosi bukaNkulunkulu ngempela, lokho ukubona ngokucacile uma ufika kuyo le ndawo. Ngibone kukuhle kakhulu ukuthola umuntu ohlahla indlela ngoba uzokunikeza umlando ojulile, akubonise nezinye izindawo obungeke uzicabange.
IVictoria Falls ingezinye zezimangaliso eziyisikhombisa zemvelo emhlabeni. Yize lezi mpophoma kungezaseZambia, kodwa ubukhosi nobuhle bazo buseZimbabwe (kufanele usuke eZambia uze ukuzozibona). Ukubona yonke into ezungeze izimpophoma, njengomfula omkhulu iZambezi, kwenza ukuvakasha kube ngokukhethekile kakhulu futhi kungenye yazinto okufanele uzibone ngokwakho ukuze uwuzwe umuzwa ohlukile nongachazeki.
Ubuhle nobukhosi beVictoria Falls buyinto engachazeki okumele uzibonele ngawakho ukuze uzwe kahle
Image: Sithunyelwe
Kuningi ongakwenza kule ndawo. Uma iphakethe lakho liqinile, ungabhukha uhambo lwebhanoyi enophephela emhlani elizungeza phezu kwezimpophoma, I-Victoria Falls isendaweni yokulondoloza imvelo ukuze izilwane zikwazi ukuzulazula, kukhona nohambo lwasebusuku lokubona izilwane.
futhi ngizwile ukuthi kunezinye izinto ezinhle ezingenziwa ebusuku.
i-Elephant Hills Hotel, ihhotela eliseduze neliyintandokazi yabaningi abafuna ukuzibonela eduze izimpophoma. Indawo yokuhlala esezingeni eliphezulu elikubonisa ubuhle bomfula iZambezi. I-Elephant Hills Hotel iyona kuphela indawo yokungcebeleka eVictoria Falls enenkundla yegalofu futhi kukhona nebhasi lansukuzonke elithatha izivakashi ezifuna ukuya edolobheni nakwezinye izindawo zezokuvakasha.
UCarol uthi bakwenze konke ukufunda ngamasiko aseZimbabwe. "Sasigqoke izingubo zomdabu zaseZimbabwe, saziphaqula futhi sabamba iqhaza ekushayeni izigubhu kudanswa imidanso yesintu."
Le ntokazi igoqe ngokuthi, awukwazi ukuvakashela iVictoria Falls ngaphandle kokuhamba ngomkhumbi emfuleni iZambezi. Ohambeni lomkhumbi unikezwa ukudla okulula, iziphuzo ezingenamkhawulo ubuka ubuhle bemvelo amahora amabili.