INDODA eneminyaka engu-54 ubudala, igwetshwe odilikajele ababili yiNkantolo yesiFunda yaseMount Fletcher, ngokudlwengula amadodakazi ayo angamawele izikhathi eziningi esikhathini esingaphezu kweminyaka eyishumi.
Inkantolo iphinde yagweba umsolwa iminyaka emihlanu emacaleni amabili okunukubeza ngokocansi. Igama lakhe ngeke ligagulwe ukuze kuvikelwe abagilwa. Elinye lamawele likhubazekile ngokomqondo.
Inkantolo izwe ukuthi unina wabagilwa washona ngo-2011, amantombazane amabili, ngaleso sikhathi ayeneminyaka engu-11 ubudala, ahlala noyise ekhaya. Uqale ngokubathinta ngendlela engafanele ezithweni zabo zangasese ngaphambi kokudlwengula ephindelela iwele elilodwa. Ngo-2019, elinye iwele lathola umsebenzi kwelinye idolobha, lokho kwanika umsolwa ithuba lokudlwengula iwele elikhubazekile elalisele ekhaya.
UGWETSHWE kanzima uyise wamawele akhe abewadlwengula
Image: Sigciniwe
Umphathi wewele eliqashiwe wabona ukuthi aliphilile kahle ngokwengqondo, wabe eselibuza. Ladalula ukuthi uyise ubelidlwengula. Umphathi watshela udadewabo omdala wamantombazane, futhi wabhekana noyise, kodwa indoda yaphika. Nokho iwele ebelisele noyise litshele udadewabo omdala ukuthi emuva kokuqashwa kwewele lakhe, uyise waqala ukulidlwengula. Kwabizwa umhlangano womndeni, ubaba wavuma amacala akhe, okwaholela ekuvulweni kwecala ngumalume wamawele, wabe eseboshwa.
Ngesikhathi kuqhubeka leli cala, waliphika icala wathi ingane ekhubazekile yayimqambela amanga ngoba ingafuni ukuthi ayigcinele imali yesibonelelo sikahulumeni yokukhubazeka. Umshushisi woMbuso, u-Advocate Thamsanqa Vinindwa, ubehola ubufakazi bomunye womphathi wewele, udadewabo omdala wewele, umalume kanye nabo abagilwa. Ephekwa ngemibuzo ummangalelwa, akakwazanga ukuchaza isizathu sokuthi kungani izingane zakhe zonke zimsola ngaleli cala.