KUBHIMBE uhlelo kowesilisa osolwa ngokushayisa ngamabomu imoto ngoba ehlose ukuzibulala yena nonkosikazi wakhe ngesikhathi kunengxabano.
Onogada beReaction Unit South Africa (RUSA) babizelwe kuHazelmere Road, eMhlasini ngo-9:42 ekuseni ngeSonto Befika, bathole imoto iNissan SUV ensundu esikhotheni eduze komgwaqo, owesifazane oneminyaka engu-49 watshela onogada ukuthi yena nomyeni wakhe bebesuka eCottonlands beya eMhlasini ngesikhathi efica izingubo zowesifazane emotweni yakhe.
Owesilisa usolwa ngokuzama ukuzibulala nonkosikazi wakhe ngenxa yengxabano equbuke emotweni unkosikazi ebona izimpahla zentombi.
Image: Reaction Unit South Africa
"Kuqubuke ingxabano phakathi kwabo, umyeni wasabisa ngokuthi uzozibulala naye unkosikazi,' kusho abeRUSA.
Uchezuke emgwaqweni ehlose ukuyoshayisa esihlahleni, kodwa imoto yashayisa idwala yama. Owesifazane ulimale emhlane wabe esephuthunyiswa esibhedlela nge-ambhulensi.